Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

1 Corinthians 2

:
Zulu - 2023
1 Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezela kini ubufakazi bukaNkulunkulu.
2 Ngokuba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, naye obethelwe esiphambanweni.
3 Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu.
4 nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya namandla;
5 ukuze ukholo lwenu lungabi ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa lube semandleni kaNkulunkulu.
6 Kepha sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha okungesikho okwaleli zwe nokwababusi balesi sikhathi ababhubhayo;
7 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni, ukuhlakanipha okufihliweyo, uNkulunkulu akumisa kungakabi khona umhlaba kube yinkazimulo yethu;
8 Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni.
9 Kepha kunjengokulotshiweyo ukuthi: “Iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungangenanga enhliziyweni yomuntu lokho uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.
10 Kodwa uNkulunkulu ukwambulile kithi ngoMoya wakhe;
11 Ngokuba ngumuphi umuntu owazi okomuntu, kuphela umoya womuntu okuye na? ngokunjalo nezinto zikaNkulunkulu akakho ozaziyo, kuphela uMoya kaNkulunkulu.
12 Kepha thina asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu; ukuze sazi izinto esiphiwe ngesihle nguNkulunkulu.
13 Esizikhulumayo futhi, kungengamazwi esiwafundiswa ngokuhlakanipha kwabantu, kodwa angawafundiswa nguMoya oNgcwele; siqhathanisa izinto ezingokomoya nezingokomoya.
14 Kepha umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye;
15 Kepha ongowomoya uhlola zonke izinto, kepha yena akahlolwa ngumuntu.
16 Ngokuba ngubani owazi umqondo weNkosi ukuba ayifundise na? Kodwa thina sinomqondo kaKristu.